
ISILO uMisuzulu kaZwelithini sizwakalise ukukhathazeka ngokwakhiwa kwezindlu eduze kwemihosha kanye naseduze kwemigwaqo, njengoba lokhu kubeka engcupheni izimpilo zabantu.
Isilo sinxuse ukuba uNdunankulu waseKZN uMnuz Thami Ntuli abize isithangami okuzoba khona kuso amakhosi nezinduna ukudingida ngokuguquguquka kwesimo sezizulu kanye nokuhlelwa kwezindawo okwakhiwa kuzo, ukuze kugwemeke inhlekelele engadaleka.
ISilo besikhuluma sivula iSishayamthetho saseKZN namuhla ngoLwesine enkundleni yezemidlalo eWoodburn eMgungundlovu. Isilo sidlulise amazwi enduduzo emindenini yabadlule emhlabeni ngenxa yemvula enamandla saphinde sawadlulisa nasemindenini yamasosha akuleli angu-14 adlule emhlabeni eDRC.

Ayisalanga ngaphandle eyokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane njengoba Isilo sithi izigameko zalolu hlobo zingumgoqo ovimba ukuthi wonke umuntu alingane abe nesithunzi.
Sithe kumele kuliwe nalesi sihlava. Sikhuthaze ukuthi kuhlaliswane kahle esifundazweni njengoba kuyisifundazwe sezinhlanga ezehlukene.
Siphawula ngokuphucwa koxhaso i-USA, sithe singaphila ngaphandle kukaDonald Trump. Sibonge izinhlaka ezehlukene ngokulekelela abakhahlanyezwe yimvula.
UNtuli ephendula inkulumo yeSilo ubonge amazwi obuhlakani kaNomthebe weSizwe kanti wathembisa ukuthi okukhathaza Isilo bazokubheka.
