
Ugwetshwe udilikajele owadlengula intombazane eyisihlobo KwaCeza ngaseMhlabathini ngo-2015.
INkantolo yesiFunda oLundi igwebe indoda eno-39 ngecala lokudlwengula, yathi ayisakufanele ukuphatha isibhamu. Le ntombazane yadlwengulwa ilo mlisa iphuma kayise isilibangise kanina.
Kuthiwa umdlwenguli wayibamba wayidlwengula wase eyisabisa ngokuthi uma ike yathi vu ngokwenzekile, uzoyibulala nomndeni wayo.
Nangempela intombazane ayishongo lutho ngenxa yokwesaba. Emuva kwezinsuku ezimbalwa bahlangana emcimbini womndeni, umdlwenguli wabeka isandla sakhe emqaleni esabisa le ntombazane ngokuthi uzoyinquma uma ike yakhuluma.
Ngo-2022 kuthiwa bahlangane stuck shop, umsolwa wayihlebela ebuza ukuthi isayigcinile yini imfihlo yabo. Le ntombazane yafika ekhaya yatshela unina ngobekwenzeka, kwabikelwa amaphoyisa, umsolwa waboshwa.
Enkantolo intombazane ikwazile ukubeka kucace okwenzeka ngaphandle ngongabazane. Umbiko kadokotela nawo wafakazela ebikusho. INPA ikushayele ihlombe ukugwetshwa komsolwa.
