
Ushiye kungazelele namuhla uVusumuzi “Kanu” Vilakazi obengumqeqeshi ngokubambisana no-Arthur Zwane kuMaZulu FC.
UVilakazi umenyezelwe njengomqeqeshi noZwane kulandela ukukhonjwa indlela kukaPablo “Cijimpi” Martin.
UKanu ushiye kungalindele ngoba iqembu libukeka lenza kahle ngaphansi kobuholi babo njengoba selinqobe imidlalo engu-8 kulwiligi kule sizini emidlalweni engu-19. Ngesizini efile lanqoba engu-8 emidlalweni engu-30.
Encwadini yakhe yokusula uKanu uthe kunezinto eziqondene naye okumele azilungise ezenza kube nzima ukuqhuba imisebenzi yeqembu.
UMengameli weqembu uSandile Zungu usamukele isinqumo sokuhoxa emsebenzini. UZwane usezobamba yedwa njengomqeqeshi.
“Egameni lawo wonke umndeni waMaZulu, abadlali, ithimba labaqeqeshi, abasebenzi nebhodi, sifisela uMpiyakhe okuhle kukho konke azokwenza,” kusho uZungu.
AmaZulu azokwamukela iCape Town City eKing Zwelithini Stadium ngeSonto ngoMarch 2.
