
Useyashiya kwiRadio 2000 uDJ Sbu okhuze ibuya kwezokusakaza eSABC ngonyaka odlule.
USbu ubesakaza uhlelo iBig Breakfast Show ngo 6 kuya ku-9 ekseni phakathi nesonto noLelo Mzaca noNathi Ndamase.
Namhlanje ekseni ukhiphe isitatimende ezinkundleni zokuxhumana ethi uyagcina yize inkontileka yakhe ibizophela ngoMarch 30.
Uthe akubanga isinqumo esilula ngoba simnandi isikhathi abe naso kulesi siteshi futhi ozakwabo bemseka.
“Ngilungiselela uhlelo olusha lwasekuseni engijabule ngikuyethula kwenye indawo kusuka ngo-1 April 2025. Leli thuba elisha lisho ukuqala ikhasi elisha emsebenzini wami.“
Ubonge wonke umuntu omesekile.
