
Kudubuleke nemizi yabantu ngesikhathi abasolwa ngokuthi bebeyobamba inkunzi betholana phezulu ngenganono namaphoyisa kwasala enkundleni abahlanu eLindelani eNtuzuma ezintatha namuhla.
Bonke ababulewe kuvela ukuthi ngabaseWentworth, Phoenix naseNewlands East.
Okushiye abantu bemangele ukuthi akucaci yini ebibabeka eLindelani ngoba inkunzi kuthiwa bebehlele ukuyoyibamba KwaMashu.
Kuthiwa abasolwa bebehamba ngezimoto ezimbili kanti kube nengxabano phakathi kwabo, base beqala bedubulana. Kuthiwa kube sekutheleka amaphoyisa, abasolwa badubulana nawo.
Enye imoto abebehamba ngayo isale izimbobombobo yizinhlamvu. Endaweni yesigameko amaphoyisa athi athole izibhamu ezintathu. Kusafunwa abanye okuthiwa babalekile. Abane bashonele emotweni kwathi oyedwa watholwa emhosheni onamanzi eseshonile.

Abantu bakule ndawo bathi ababazi abasolwa njengoba abebefika bezohlonza izidumbu bekungamakhaladi angahlali khona. Kusolwa ukuthi kukhona abamaziyo eLindelani okunguye abebeze kuye ngaphambi kokwenzeka kwesigameko.
Abaqapha ezokuphepha endaweni bathi bafuna abaqashisayo bathole yonke imininingwane ngabaqashile njengoba sekufika abantu bakwezinye izindawo bezogangela endaweni yabo.
Banxusa nomphakathi ukuba ubambisane namaphoyisa nabezinhlaka ezilwa nobugebengu ukuze abantu baphephe.
Esinye isakhamuzi esilinyalelwe umuzi esingathandanga ukudalulwa sithe, kudubuleke ikamelo obekuhleli kulo izingane, enye inhlamvu yashaya iwindi lekamelo ebelilele kulo. Okhulumela amaphoyisa eKZN uColonel Robert Netshiunda, uthe basezithendeni zabasolwa ababalekile.
