
I-Orlando Pirates ibuye ekugcineni inciphisa igebe phakathi kwayo neMamelodi Sundowns kwiBetway Premiership ishaya iCape Town City ekhaya e-Orlando Stadium ngo 2-1 namhlanje ntambama.
IPirates iye kulo mdlalo idinga amaphuzu agcwele ukuzisondeza kwiSundowns ephambili ngamaphuzu angu-45 emidlalweni engu-17. Umphumela wanamuhla usho ukuthi iPirates isele ngamaphuzu angu-9 kwiSundowns esesicongweni se-log. IPirates ilandela namaphuzu angu-36 emidlalweni engu-15.
ISundowns isenethuba lokuphinde inwebe igebe ngoba izodlala neTS Galaxy manje ntambama.
IPirates iqale umdlalo izimisele ngokuwunqoba ngoba ibidala amathuba futhi ibhola lingakuyo. Nokho iCity idlale elisheshayo eliya phambili uHaashim Domingo walivalela phakathi igoli lakhe lokuqala selokhu ejoyine leli qembu.
Kuyiwe ekhefini iCity ihamba phambilini. Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro wenze izinguquko ekhipha uPatrick Masangwanyi ophume ngohlaka elimele ethangeni. Endaweni yakhe kungene uMohau Nkota ophakele uTshegofatso Mabasa igoli lokulinganisa.
Omunye umdlali ongene ngesiwombe sesibili uGoodman Mosele ushaye eliweze iPirates.
Komunye umdlalo, iSekhukhune United ishaye iChippa United ekuhambeni ngo 1-0. UShaune Mogaila oke wangadlala kulandela ukuba sengozini edlule nomphefumulo wengane nokuyicala asalihamba enkantolo, udonse intambo ende ekhale enethini.
