
Kumiswe abasebenzi abawu-5 boMasipala waseThekwini okuthiwa babanjwe oqotsheni befaka itiyela ngeloli yomkhandlu emzini thizeni eVerulam.
Kuthiwa laba basebenzi bacetshwe ophikweni lwezobuQotho kanye nokuPhenya kumasipala ngo-17 February 2025.
Kuthiwa kwaboshwa umshayeli weloli elalithwele itiyela, abanye abasebenzi abane babaleka. Umshayeli wavela enkantolo ngo-18 February 2025, wadedelwa ngebheyili.
Abasebenzi abane ababaleka bamisiwe emsebenzini. Inhloko yoPhiko lwezobuQotho kanye nokuPhenya kumasipala luncome ompimpe laba basebenzi.
Kumiswa laba basebenzi nje, nyakenye kwabanjwa abanye abangu-6 bakamasipala bethutha itiyela ngaphandle kwezincwadi ezifanele futhi bahluleka ukuchaza ukuthi baliyisaphi.
