
Umkhuzi wamaphoyisa uGeneral Fannie Masemola ukhiphe umyalelo kukhomishana waseGauteng uLieutenant General Tommy Mthombeni ukuthi athungatha abophe amadoda asolwa ngokuhlukeza amanye eklabhini ePitoli.
Igcwele ezinkundleni zokuxhumana i-video yamadoda eshawa enqunu, egwiliziswa ebhakedeni futhi ebhunyelwa nangamanzi. Kokunye ayalalelwa ukuthi azidlokodle ngamabhodlela ezinqeni aphinde ashaye nendl$@*u.
Kuthiwa yingoba ahluleke ukukhokhela iziphuzo zawo abezijabulisa ngazo.
UMasemola uthe abahlukumezekile abayovula icala esiteshini iBrooklyn noma kusiphi isiteshi bese icala labo liyiswa eBrooklyn.
Uthe okwenziwe kubo wubulwane wathi nofakazi abasondele.
Indawo yobumnandi le iZanzou Bar & Lounge ithe iyazi nge-video onogada besebenzisa indluzula kulamadoda abathe atshontsha amaselula. Ithe baxoshiwe onogada abenza lokhu.
