
Abasebenzi benkampani eqashelwe ukulungisa ama-ATM aqhunyisiwe bangananye babasolwa abawu-4 ababoshelwe ukutholwa nemali eno-inki.
Amaphoyisa athintwe yibhange ngabantu abebe depositor imali engcolile kuma-ATM ase eqala ukuphenya.
Kutholakale ukuthi abanye babasolwa baqashwe enkampanini enenkontileka yokulungisa nokushintsha ama-ATM aqhunyisiwe.
Aye enkampanini athola umsolwa oyedwa.
‘Ngemuva kokusesha umsolwa, amaphoyisa athole imali ewashiwe futhi enye imali ittholwe lapho ehlala khona.’
Uphenyo luwaholele e-Alexandra naseTembisa kwatholwa abanye abasolwa abathathu nobhongoza. Nabo baboshelwe ukutholwa nemali engcolile engaphezulu kukaR160 000 namakhemikhali okuyi-cleaner.
Abasolwa bazovela eTembisa Magistrate’s Court ngoMsombuluko.
