
Uvuma amacala owayeyiphoyisa likaMasipala weTheku, uSizwe Clinton Ngema okwasabalala ivideo ezinkundleni zokuxhumana esebulele owayeyintombi yakhe uBianca Yolanda Khuzwayo, naye owayeyiphoyisa.
UNgema uvuma icala lokubulala, elokweba iselula kamufi nelokushayela budedengu emgwaqweni womphakathi.
Lesi sigameko senzeka ngoMashi ngonyaka odlule futhi sashiya abantu abaningi beshaqekile. I-video yayiveza uBianca esedonsa umoya wakhe wokugcina futhi opha.
Kwavela ukuthi uNgema wayephuza utshwala nezidakamizwa ngosuku okwenzeka ngalo. Inkantolo yamncisha ibheyili.
Icala liyaqhubeka eNkantolo eNkulu eThekwini.
