
Umculi othandwayo uSjava ugubha iValentine’s Day ngokufonela izintombi zabantu aziculele.
IValentines Day igujwa kusasa ngoFebruary 14.
USjava waseBergville udume ngemicu ehlukene okukhona kuyo neyothando ethi Intombi Yami, Uthando, Inhliziyo nezinye.
Ubhale ku-X (twitter) ukuthi abantu abamthumelele izinamba zezintombi zabo.
“Shiya umyalezo ofuna ngikudlisele wona kuye neculo olifunayo. Ngizomfonela nge video call bese ngiyamculela,” ubhale kanje uSjava.
USjava usanda kukhipha i-EP enezingoma eziwu-5 Inkanyezi. Kunenoni elithandwayo elithi Uyena.

