
Kube nomunyu kwagobhoza izinyembezi emndenini yowayeyiphoyisa likaMasipala weTheku uBianca Yolanda Khuzwayo owabulawa owayeyisoka lakhe emuva kokuthi iNkantolo eNkulu eThekwini iligwebe iminyaka engu-20 ngokumbulala, ukweba iselula yakhe nokushayela budedengu.
USizwe Ngema (28) ugwetshwe iminyaka engu-20 ngokubulala, owodwa ngokweba, nowodwa ngokushayela budedengu kanti le minyaka uzoyidonsa kanye kanye okwenza isigwebo sakhe sibe yiminyaka engu-20 ngoba izigwebo ezincane zingena kwesikhulu.
Sekuphunyiwe enkantolo, abomndeni kamufi babonakale bevukwa umunyu bekhala, bangana beduduzana. UNgema uwavume wonke amacala abebekwe wona.
Encwadini yokuvuma uthe benomufi babenobudlelwane obunokuhlukumeza. NgoJanuary 2024, wathola ukuthi umufi ukhulelwe nokwabenza bajabula. Uthe ngokuhamba kwesikhathi wathola umyalezo efonini kamngani kamufi u-Anele Mkhize, umufi emtshela ngezinhlelo zakhe zokuhushula isisu.
Uthe ngo-31 March 2024, benephathi eflethini ephuza iHennessy esebenzisa nezidakamizwa i-cocaine, wabuza umufi ngomyalezo wokuhushula isisu, umufi wavele wamtshela ukuthi kwayona ingane akusiyo eyakhe. Uthe wabe esemgwaza amanxeba amaningi, esifubeni, ezandleni, emabeleni, wathatha ifoni yakhe i-iPhone wangena emotweni yakhe iVW Polo wahamba. Esesemgwaqweni uM4 uma ubheke eNingizimu washayisa unqenqema lomgwaqo.
Kulesi sitatimende akakuvezanga ukuthi wanameka ama-video kamufi ezinkundleni zokuxhumana. Ummeli wakhe obefunda isitatimende u-Adv Simphiwe Mlotshwa, uthe uNgema uno-28, akashadelwe, uhlala eMlazi kwa-L, unezingane ezimbili eno-8 yomfana neno-6 yentombazane, wayeyiphoyisa lakwaMetro eqale khona ngo-2021 kanti ubengenawo amacala aseke amlahla nabewahamba.
Umncengele ngokuthi usehlale ejele izinyanga ezingu-11 selokhu aboshwa kanti uyazisola ngakwenza, ukukhombisa lokhu wavuma akwenza emaphoyiseni athatha isitatimende sakhe.
Isitatimende sikanina kaBianca sokuchaza ngobuhlungu abadlule kubo asifundwanga kodwa inkantolo isamukele. UNgema uvume icala emuva kokuthi kube nokuvumelana phakathi kombuso nommeli wakhe. Kuvele ukuthi nomndeni kamufi ubuthintiwe ngalesi sivumelwano.
UNgema ubegqoke isikibha esi-navy, i-jean e-navy namateku abomvu. Ubelokhu elihlome phansi ikhanda futhi ekhulumela phansi uma kukhona abuzwa khona. Abomndeni wakhe bebekhona kanti babonakale bekhuluma naye eseyongena ekhulukuthu.
