
Omakhelwane bomholi weqembu laseNanda elisolwa ngokuhlukumeza umphakathi iWest, uMnqobi Ndimande bathi bayosikhohlwa befile isibhaxu abasithole kwabakasidlodlo bethi beze emlindelweni ngoLwesihlanu.
Labo makhelwane bathi bashawa bagcwala izinkalo kubuzwa ukuthi bazolindelela inja. Ngokwabo uMnqobi ubebavikela, izigebengu zingadlaleli emizini yabo.
Bathi kusukela ngempelasonto sebeqalile bayagqekezelwa. Ngokwabo uMnqobi ubebavikela.
Kulezi zigemeko zokugqekeza okuthiwa zenzekile, kuthiwa kwebiwe namateku kamusha abemasha ayewabeke ethaveni yakubo, imali yasethaveni kanye netv.

Omakhelwane bathi yize bebezwa ngemikhuba okuthiwa ubeyigila kodwa bona ubebavikela. Uma bechaza ngegama iWest bathi leli gama alihlangene neWest le yoTupac baseMelika, kodwa waliqamba ngoba engafuni ukuthi kube khona abazogangela ngakubo.
Umndeni uphawula ngomfana omncane obonakala edansa ephethe ihlahla, uthe kwaphoqeleka ukuthi liphathwe nguye ngoba umalume owayezoliphatha wayeseshayiswe, futhi abesilisa bengavumelikile ukuthi baye ehholo lenkonzo yomngcwabo.
