
I-Nattional Council of SPCAs (NSPCA) ikhiphe umklomelo kaR20 000 kongasiza ekushushisweni kwabanesandla ekubulaweni imfene eyaziwa ngoRaygun.
Imfene le ijahwe esikoleni iBotleng Secondary eDelmas, eMpumalanga yashawa yase iyashiswa.
Isidumbu sayo sicwiyiwe sanqunywa izandla, izinyawo, ikhanda nenhliziyo.

I-NSPCA ikhiphe umklomelo ngoba ifuna abebekhona ekulimazeni uRaygun futhi labo abaqophe isigameko ibacela ukuthi baphumele obala.
Ama-video lawa aqale uksuabalala ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesihlanu. I-NSPCA ithi abaphathi besikole abafuni ukukhipha abashaye imfene.
Ithe kucacile ukuthi lesi sigameko sihlobene nenkolelo yokuthi imfene isetshenziselwa ukuthakatha.
Uthishomkhulu kuthiwa uthe kuquleke abafundi abangu-10 ekuseni esikoleni base bekholwa ukuthi kungenxa yemfene.
