
UMnyango weZempilo eKZN usuveze ukuthi usebenza nezinye izibhedlela ukunciphisa isibalo seziguli eziya esibhedlela eMshiyeni eMlazi njengoba sekuphele isonto amanzi engekho elethwa ngezimoto afakwe emathangini.
Amanzi kulesi sibhedlela selokhu aphela ngo-2 February kanti Ezangempela For Real zibikile ngale nkinga ngeledlule, abasebenzi bekhala ngokuthi amanzi alethwa izimoto aweneli ngenxa yokuthi awaphampeki kahle, amatholilethi awaflasheki futhi neziguli azigezi, bageza ngawo izandla kuphela.
Esitatimendeni, umnyango uthe uyayazi inkinga yokunqamuka kokuphakelwa kwamanzi eMshiyeni kanti usebenzisana noMasipala weTheku okuyiwo ophakela ngamanzi ukuthi izindawo ezibalulekile zesibhedlela ziyawathola amanzi.
Umnyango uveza ukuthi uyaqikelela ukuthi inhlanzeko nokunakekelwa kweziguli nenhlalo yabasebenzi kuyaqikelelwa. Uthi ngaphezu kokuthi kufike izimoto zamanzi, bathenga namanzi asemabhodleleni ukuze aphuzwe kanti sebelekelelwa nayizinhlangano zemiphakathi ukuletha lawa manzi. UMasipala weTheku, uthe inkinga yamanzi endaweni eziseNingizimu yeTheku idalwa ukulungiswa kwengqalasizinda.
Inyunyana yabasebenzi bezempilo iPSA ngeledlule ibhalele umnyango ifuna kulungiswe le nkinga nezinye ngokushesha.
