
Umndeni womholi weqembu lezigebengu uMnqobi Ndimande (24) obulawe amaphoyisa ngeledlule eMahlabathini eVerulam, umcelele uxolo.
Abebekhulumela umndeni enkonzweni yomngcwabo ebisehholo eRedfern ePhoenix, bathe bayamxolisela kwabonile bathi kodwa kukhona okuhle abekwenza.
Obekhulumela umndeni wakwaNdimande, uMaka Sma uthe akekho umzali ozala ingane eyizalela ukuba yisigebengu.

Wakhala ngokufelwa kukanina kaMnqobi izingane zakhe.
Inkonzo yomngcwabo ibe mfishane, kungagcwele kukhona umndeni, nabangani bakhe nabesifazane abasebancane.
Ihholo belihlotshiswe kahle phambili, kunama TV abekhombisa izithombe zakho.
Bekubekwe neziphuzo ezibandayo okukhona kuzo nama-savannah. Amaphoyisa abephume ngobuningi ukuqapha lomngcwabo kanti kuceliwe ukuba emathuneni kuye abomndeni nabazogqiba ngenxa yokungabi khona kwezinto zokuthutha. Sekuphuma ibhokisi ukhushwe ngengoma yehip hop, amantombazane e-twerker.
