
Zichonywe uphaphe izikole zaseBulwer kuMasipala iDr Nkosazanela Dlamini Zuma, eziphase ngo-100% kumatric ka-2024 emcimbini obungoLwesihlanu.
Phakathi kwezikole ezihlomule ngo-100% kubalwa iMasimini High, Mqulela High, Siqhoza High, Dumabezwe High, Faithway High neDlangani High.
UPhini leMeya kulo masipala uNkk Kholiwe Radebe uthe badinga ukushayelwa ihlombe othisha balezi zikole.
“Siyababonga kakhulu bonke othisha abenze isiqiniseko sokuthi lezi zikole ziphasa kahle kangaka. Siyafisa ukuthi zande izikole zakule ndawo eziphasa kahle kangaka.”
Uthe inkulu indima eklanywa othisha bakule ndawo beqinisekisa ukuthi abafundi benza kahle ku-matric.
Ugcizelele ukuthi basebenzisana nazo zonke izikole zakule ndawo ngoba bafuna ziphumelele.
Othishanhloko bakulezi zikole banikezwe izitifuketi zokubabonga.
Kuphinde kwaklonyeliswa nabafundi abathathu abenze kahle.
Obashaye bonke kube uMfanelo Memela waseMdingi High. Ugixatshezwe ngomfundaze, uvoucher ka-R1000 neka-R2500 ne-laptop.
Olale isibili uSizwe Sithole waseDingeka High naye uklonyeliswe ngomfundaze.
Kanjalo nolale isithathu uSandile Sibiya waseMdingi High.
Abafundi babonge ukuba nothisha abebenesineke.
