
Bazovela kusasa ngoLwesihlanu enkantolo yeMantshi yaseNyoni abasolwa ababili abaneminyaka engu-31 no- 34 ababheke necala lokubulala ikhansela nelokuzama ukubulala udadewabo ngoLwesibili ebusuku.
Ikhansela uPhenduka Mabhida ushonele ekliniki lapho engeniswe khona emuva kokudusltshulwa esekhaya. Kuthiwa abasolwa bacela ukumbona kwathi uma ephuma bamfubula, udadewabo wathi uyangenelela naye bamdubula.

Okhulumela amaphoyisa eKZN uCol Robert Netshiunda, uthe abasolwa babanjwe emuva kancane kokwenzeka kwesigameko. Kuthiwa babanjwa amaphoyisa ophiko oluqapha udlame emphakathini olwaluqaphe ubugebengu.
Kuthiwa lwabamisa baseshwa batholwa nezibhamu ezicishwe izinombolo, base beboshelwa izibhamu ezingekho emthethweni. Kuthiwa emuva kophenyo vayamaniswe nokubulawa kwekhansela nokuzama ukubulala udadewabo.
Laba kuthiwa babuye bayamaniswa nolecala lokubulawa kwenduna kule ndawo ngoJanuary 2025.
