
Ihhovisi likaMengameli uCyril Ramaphosa lithi inkulumo yakusasa ebhekiswe ezweni iState of the Nation Address (SONA) izoba yongqophamlando ngoba kuzobe kungokuqala kubusa uhulumeni owakhiwe ngamaqembu ehlukene ngokubambisana iGNU.
Ekhuluma nezintatheli ngezinhelo zikamengameli nokubulwa kwePhalamende, okhulumela umengameli uMnuz Vincent Magwenya, uthe inkulumo kaRamaphosa izogxila emsebenzini weGNU. Uthe inkulumo yakusasa izobe inemibiko yabanye ongqongqoshe abaqhamuka kwamanye amaqembu njengoba kubusa iGNU okungokuqala kuleli.
Ephawula ngodaba lwe-Expropriation Act oselususe umsindo, uthe basazoqhubeka nokucacisa nokuphendula ngolwazi olungesilo iqinisi ngalo mthetho. Uthe bazoxoxisana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo kubalwa nehhovisi likamengameli wa-US uMnuz Donald Trump.
Uthe banobudlelwane ababuhloniphayo ne-US kanti lapho kukhona ukungaboni ngaso linye bazoxoxisana nobuholi baleliyazwe.
Ebuzwa ngodaba lokubuyiswa kwezidumbu zamasosha angu-14 okuvele ukuthi zibuya namuhla, ucele ukuthi lolu daba aluyekele kozakwabo eMnyangweni wezokuVikela.
