
Kukhalwa ngamathoyilethi angaflasheki nokungagezi kweziguli ngenxa yokungabi khona kwamanzi esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial eMlazi okuthiwa sekuphele izinsuku ezintathu engekho elethwa ngezimoto zamanzi eziwafaka emathangeni.
Omunye wabasebenzi ocele ukungadalulwa uveze ukuthi aweneli amanzi alethwa izimoto ngoba awaphampeki kahle lokhu kuholela ekutheni abasebenzi neziguli bagcine bekwazi ukugeza izandla kuphela ngawo, bangakwazi ngisho ukuflasha amathoyilethi. Inyunyana yabasebenzi encwadini ebhalwe usuku lwanamuhla ngoLwesithathu ebhekiswe eMnyangweni weZempilo, ikhala ngokungabi khona kwamanzi, ethi kuphambene nemithetho yezeMpilo neyezokuPhepha.
UMnuz Mlungisi Ndlovu oyimenenja yePSA eKZN, uthe beyinyunyana bafuna kulungiswe udaba lwamanzi ngokushesha. Bafuna abasebenzi bahlinzekwe ngamanzi athengwayo abazowaphuza nokuthi kwenziwe isiqiniseko sokuthi kuyanqandeka ukusabalala kwezifo ngenxa yalesi simo.
Le nunyana ithi impilo yabasebenzi neziguli ibalulekile. UMnyango wezeMpilo eKZN uveze ukuthi udaba lokuphazamiseka kokuhlinzekwa kwamanzi eMshiyeni luthinta uMasipala weTheku kodwa amanzi ayalethwa ngezimoto eziwafaka emathangini.
UMasipala weTheku uthe ukuphazamiseka kokuphakelwa kwamanzi ezindaweni eziseNingizimu yeTheku kudalwa ukulungiswa kwengqalasizinda.
