
Lichazwe njengomuntu obengathuli uma libona izinto zingahambi kahle ikhansela le-ANC ku-ward 18 kuMasipala waseMandeni elibulawe izolo ebusuku.
Ikhansela uPhendukani Mabhida (41) kuthiwa uhlaselwe ekwakhe waphuthunyiswa esibhedlela lapho eshonele khona.
IMeya yoMasipala waseMandeni uMnuz Thabani Mdlalose, uthe lesi isigameko esidabukisayo esibavelele. Uchaze uMabhida njengomuntu obebeka phambili abantu futhi ekhuluma uma kukhona akhala ngakho.
Kuthiwa ubengasebenzeli kuphela abantu bakwi-ward yakhe kodwa baseMandeni yonkana. IMeya idlulise amazwi enduduzo emndenini, kubangani namanye amakhansela kanye nasekomitini le-ward abesebenza nalo.
