
Ifeze isethembiso iMeya yaseMzinyathi uMnuz Petros Ngubane sokulekelela umphakathi waseNdanyana eMsinga ngezinsiza zamanzi namuhla ngoLwesibili.
Ubehambisana nekhansela lendawo namalungu ethimba elaqokwa ukubheka inkinga yamanzi eMzinyathi. Lo mphakathi wawwukhale ngamathangi amanzi ngenxa yokuthi abekhona abeaevuza, ayecele ukusizwa nangamapayipi amanzi ukuze afakwe emizini engezansi ingathwali kanzima ukuyokha amanzi ngenhla.
UNgubane uhambise amathangi amane amumatha amanzi angamalitha angu-10 000 lilinye amapayipi, amastand pipe nompompi abangu-10 abazofakwa emiphakathini. Umsebenzi wokufaka lezi zinsiza uyaqala kusasa. Umphakathi ubonge umasipala ngalezi zinsiza.
