
Bathinteka emacaleni okubulala angu-5 enzeke eNtambanana eMpangeni ngenyanga eyedlule nanyakenye abasolwa ababili abadubalane namaphoyisa kwashona oyedwa ngesikhathi elandela umkhondo ngababambe inkunzi imoto yemali kuN2 eThekwini kwadutshulwa owesifazane, kwalimala nabanye.
Okhulumela amaphoyisa eKZN uCol Robert Netshiunda, uthe laba bavinjezelwe eGlenwood eThekwini ngesikhathi amaphoyisa elandela umkhondo wezimoto ezibonakale zibaleka lapho kubanjwe khona inkunzi imoto yemali.
Uthe ngesikhathi bevinjwa bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni nawo aphendula ngayo, kwashona oyedwa, omunye walimala waphuthunyiswa esibhedlela.
Laba kuthiwa bayamaniswa namacala amathathu okubulala enzeke eNtambanana ngenyanga eyedlule, namabili enzeke kuyo le ndawo ngoJune nyakenye.
Enye imoto okutthiwa isebenze kubanjwa inkunzi imoto yemali kuvele ukuthi idunwe KwaMakhutha kanti itholwe ilaxazwe eMariannhill, ngaphakathi inezikhwama okusolakala ukuthi ezemali. Amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.
