
Amalungu ePhalamende afuna kube nophenyo ngokujutshwa kwamasosha akuleli eDRC, emuva kokuthi ehlaselwe amavukelambuso, e-M23 kwagcina ngokuthi kushone amasosha akuleli angu-14 kwalimala namanye.
Emhlanganweni ePhalamende namuhla ngoLwesibili obekuhloswe ngawo ukuthi uMinister wezokuVikela uNkk Angie Motshekga nesikhulu esiphezulu embuthweni wezokuvikela uGeneral Rudzani Maphwanya bachaze ngokuqhubekayo eDRC.
UGeneral Maphwanya uchaze ukuthi ukutshalwa kwamasosha akukhona okwakuleli kuphela kodwa okwamazwe angaphansi kweSADC kanye ne-United Nations.
Amalungu ePhalamende aveze ukuthi ayezwa ngabashonile kodwa afuna ukwazi ukuthi bangaki abalimele, isimo sabo sinjani, nokuthi banokudla kanye nezinsiza zezempilo ezenele yini. Abuze nangezithombe ezikhombisa ukuthi amasosha akuleli athunjwe ngamavukelambuso, abuze ikhona yini into enjalo, uma ikhona yini eyenziwayo ngayo.Abuze nokuthi zithini izinhlelo zokubuyiswa kwezidumbu zamasosha ashonile.
Ilungu le-EFF uMnuz Carl Niehaus, uthe ukube amasosha akuleli abenezinsiza ezenele ngabe awashonana lawa angu-14. Uthe uNkk Motsekga noMaphwanya kumele besule ezikhundleni zabo. UMnuz Steve Swart we-ACDP, uthe uMinister kwakumele eluleke umengameli uCyril Ramaposa ukuthi angalubhadi eDRC amasosha akuleli. Amalungu ePhalamende abuye acela incazelo ngokuphakanyiswa kweflegi elimhlophe.
Kubuzwe nangokuthi kungani amaflegi akuleli engandizeli phansi njengobakudlule lawa masosha.
UGeneral Maphwanya, uthe izidumbu zamasosha zizobuya kusasa (ngoLwesithathu). Ephendula ngokuthi amasosha aqeqesheke ngokwenele futhi anezinsiza ezenele, uthe kundingeka esinye isikhathi ukuze kudingidwe ngezinselelo ezibhekene nombutho wezokuvikela
