Kushone abesilisa ababili kwalimala abangu-8 kuphaphalaza imoto igingqika emgwaqweni uN3 uma uya ngasenyakatho usuzofika kwiSpaghetti Junction namuhla ngoLweihlanu ebusuku. Abezimo eziphuthumayo kwa-Als Paramedics bathi imoto ebithwele abantu abaningi iphaphalazile yagingqika yachitha abagibeli. Ngebhadi abesilisa ababili okukhona kubo nomshayeli bese beshonile. Abanye abangu 8 bebelimele, ababili kubo belimele kabi. Umshayeli ubevaleleke emotweni, abophiko lwezicishamlilo baze basebenzisa izindlawu ukumkhulula .



